Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 4:27 - IsiZulu 2020

27 USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 4:27
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”


izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe, abahlakazele emazweni.


Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.


Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.


Umkhwanyo uyosala njengokusale kuwohlozwa iminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu ezihlokweni phezulu, ezine noma ezinhlanu emagatsheni omuthi,” kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


“Ngakho-ke yisho, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nakuba ngibayise kude ezizweni, ngabahlakazela emazweni, nokho ngibe yindawo engcwele kubo okwesikhashana, lapho emazweni abaye kuwo.” ’ ”


“Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni.


Ngaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.


Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngikuqede ukungcola kwakho okukuwe.


“Lapho kukhona uMeshekhe, uThubhali, naso sonke isixuku sabo esizungeze amathuna abo nxazonke, bonke abangasokanga, babulawe ngenkemba, ngokuba bafaka ingebhe ezweni labaphilayo.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


“USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka