Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 4:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 4:27
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”


awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.


Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe.


Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.


Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu, ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


“Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’


“Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.


Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,


Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.


“Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo, amathuna abo engakubo nxazonke, bonke babo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka