Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 30:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukukwandisa kuwo wonke umsebenzi wesandla sakho, esithelweni sesisu sakho, nasesithelweni sezinkomo zakho, nasesithelweni sezwe lakho, kube kuhle; ngokuba uJehova uyakubuye ajabule ngawe. Kube kuhle, njengalokho wajabula ngoyihlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 30:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, akuseyukuzwakala kulo izwi lokulila nezwi lokukhala.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”


“Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.”


“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.


Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.


Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka