Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 30:10 - IsiZulu 2020

10 uma nje ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcina imiyalo nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukugcina imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, futhi uma uphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 30:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese yena ephenduka esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,


Nalapho omubi ephenduka ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.


Labo abaphuma kude bayakufika, bakhe ithempeli likaSimakade, niyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithumile kini. Lokhu kuyakwenzeka, uma impela nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.


“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude.


bese uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ulalela izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho,


Uyakuphenduka, ulalele izwi likaSimakade, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.


Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu.


Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka