Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:11 - IsiZulu 2020

11 uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kumelwe ujabule ngazo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wakho akunike zona wena nendlu yakho, wena nomLevi nomfokazi ophakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:11
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.”


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,


futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.


bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakukhala ngokudabuka kwenhliziyo yenu, nilile ngobuhlungu emphefumulweni.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Uma thina sihlwanyele kini okomoya, ngabe sekuyinto enkulu yini uma sivuna kini izinto eziphathekayo na?


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Uyonikela iminikelo yokuthula, uyidlele khona lapho, wename phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


ngokuba awumkhonzanga uSimakade uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, ngenxa yobuningi bezinto.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka