Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:10 - IsiZulu 2020

10 Manje-ke, bheka, ngilethe ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona, Wena Simakade,’ bese ulubeka phansi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova;’ bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Manje bheka, sengilethile ulibo lwezwe onginike lona, Jehova. Kumelwe uwubeke phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho futhi ukhothame phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuya kwelinye; bonke abantu bayofika bazokhuleka phambi kwami,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Uyomnika futhi ulibo lokusanhlamvu kwakho, olwewayini lakho, olwamafutha akho amasha, nezandulela zoboya bezimvu zakho.


USimakade namuhla umnikile isiqiniseko sokuthi uyokuba nguNkulunkulu wakho, uyohamba ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, imiyalo yakhe, nezehlulelo zakhe; ulalele izwi lakhe.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Umphristi uyothatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi, phambi kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho.


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka