Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 24:15 - IsiZulu 2020

15 Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngosuku lwakhe uyakumnika inkokhelo yakhe, ilanga lingashoni kuwo; ngokuba umpofu, ubeka inhliziyo yakhe kukho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 24:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Uma ngingalumelanga udaba lwesigqila sami sesilisa noma sesifazane lapho sikhononda ngami,


“Uma umhlaba wami ukhonondile ngami, nemisele ekuwo yakhala kanyekanye;


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


“Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.


Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,


Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.


Simakade, ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.


Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuWena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese encika kuwe, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobele kwakho.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’


Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Ngokuba umbhalo, uthi: “Ungayifaki isimfonyo inkabi ebhulayo,” futhi uthi: “Isisebenzi sifanelwe wumholo waso.”


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka