Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 24:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngosuku lwakhe uyakumnika inkokhelo yakhe, ilanga lingashoni kuwo; ngokuba umpofu, ubeka inhliziyo yakhe kukho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 24:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,


“Uma umhlaba wami ukhalile ngami, nemisele yawo ililile kanyekanye;


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.


Njengenceku ekhefuzelela ithunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,


Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.


Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami.


Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


“Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe ngokungafanele, osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli, angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,


“ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


“Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’


Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”


Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.


Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka