Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:8 - IsiZulu 2020

8 “Sabe sesidlula kubafowethu bozalo luka-Esawu, abahlala eSeyiri, sayishiya indlela e-Araba, e-Elathi, nase-Eziyoni Gebheri. Saphenduka sadlula ngendlela esehlane kwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase-Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Sase sidlula kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu, ababehlala eSeyiri, ngendlela yase-Elati nase-Esiyoni-Geberi, saphenduka sahamba ngendlela yasehlane lakwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Inkosi uSolomoni yakha imikhumbi e-Eziyoni Gebheri eseceleni kwase-Elathi ogwini loLwandle Lomhlanga kwa-Edomi.


Wakha kabusha i-Elathi, wayeselibuyisela kuJuda emva kokuba inkosi isingcwatshwe kokhokho bayo.


Ngaleso sikhathi uRezini, inkosi yase-Aramu, wabuyisela i-Elathi e-Aramu, wabaxosha abaJuda e-Elathi, kwase kufika ama-Aramu nabakwa-Edomi bahlala kulo kuze kube namuhla.


Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela.


Basuka e-Abhrona, bakanisa e-Esiyoni Gebheri.


Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.


“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka