Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:29 - IsiZulu 2020

29 njengalokhu kwenza kimi abozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:29
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.”


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”


Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda.


Uyokuba nesikali sesisindo esiyisona nesifaneleyo, futhi ube nesilinganiso seqiniso nesifaneleyo, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


“USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka