Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 njengalokhu kwenza kimi abozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:29
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Eyokuqala yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; unguyise wamaMowabi kuze kube namuhla.


Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


U-Edomi wathi kuye: “Ungadluli kimi, funa ngikuhoshele inkemba.”


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho akavumanga ukumlalela uBileyamu; kepha uJehova uNkulunkulu wakho wakuguqulela isiqalekiso saba yisibusiso, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.


Kodwa kumelwe ube nesisindo esiphelele nesilungile, kufanele ube nesilinganiso esiphelele nesilungile, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Ngaphezu kwalokho, uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi ngeke ngiwele iJordani nokuthi ngeke ngingene kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa.


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile; ukuze izinsuku zakho zibe zinde futhi kukuhambele kahle ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho; ngoba ningabantu abanenkani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka