Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:7 - IsiZulu 2020

7 Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izandla zabafakazi kumelwe zibe phezu kwakhe kuqala ukuze ambulale, bese kuba izandla zabo bonke abantu. Ngakho kufanele ususe ububi ngaphansi kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Kuthe besambuza waphakama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu makabe ngowokuqala ukumkhanda ngetshe.”


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


kepha niyombulala impela. Nguwena oyogalela kuqala bese kulandela bonke abantu lapho ebulawa.


Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma kutholakala indoda ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayobulawa bobabili, indoda ebilele nowesifazane uqobo ukuze kususwe ububi kwa-Israyeli.


bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Manje, lethani lezo zigilamkhuba eziseGibheya ukuze sizibulale, sisuse ububi kwa-Israyeli.” Kodwa abakwaBhenjamini abafunanga ukulalela abafowabo bakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka