Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:2 - IsiZulu 2020

2 niyobhubhisa nishaye icole zonke izindawo lapho izizwe eniyakuziphuca izwe zazikhonza khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, emagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Niyakuqalekisa zonke izindawo lapho izizwe eniyakuzidla zikhonze khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, izinsika, no-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.


Abantu babenza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, ngoba yayingakabi bikho indlu eyakhelwe igama likaSimakade, kwaze kwaba yilezo zinsuku.


Bonke abantu abahlala ezweni baya endlini kaBhali, bayibhidliza, ama-althare ayo nezithombe zayo bakuphahlaza kwaba yizicucu, babulala uMathani, umphristi kaBhali, phambi kwama-althare. Umphristi wabeka abalindi endlini kaSimakade.


Wahlaba, washisa nempepho ezindaweni eziphakemeyo, emagqumeni naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Inkosi yangcolisa izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene sentaba Yokonakala, inkosi uSolomoni yakwa-Israyeli eyayizakhele u-Ashitharothi isinengiso samaSidoni, noKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi noMilikhomu isinengiso sabakwa-Amoni.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


Kodwa uma nithi kimi: ‘Sethemba uSimakade uNkulunkulu wethu,’ akusiye yini uHezekiya osuse izindawo zakhe eziphakemeyo nama-althare akhe, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: ‘Niyakukhuleka phambi kwaleli althare’ na?


Abantwana babo basawakhumbula ama-althare abo nawo-Ashera babo ngasemithini eluhlaza, emagqumeni aphakemeyo.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


USimakade wathi kimi, ngesikhathi sokubusa kukaJosiya inkosi: “Uboneni na? U-Israyeli akahlubukanga yini na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakeme, nangaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza, wafeba khona.


Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.


Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka