Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:26 - IsiZulu 2020

26 Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:26
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo, owenza icebo ngathi wayefuna siqothulwe phakathi kwemingcele yakwa-Israyeli.


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


INkosi inalowo oqinileyo nonamandla, ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, namanzi anamandla akhukhulayo.


Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.


Yasuswa ekucindezelweni nasekwehlulelweni. Ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yanqunywa ezweni labaphilayo, ishayiwe ngesiphambeko sabantu bami na?


ngalokho-ke iNkosi izobakhuphulela amanzi omfula onamandla amaningi, inkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo. Uyakukhuphuka wemboze lonke usebe, weqe zonke izindonga zawo,


“Ngubani lo okhuphuka njengeNayili, njengomfula omanzi awo ephakama ngamandla.


Ulwandle lwenyukele eBhabhele, lwalisibekela ngamaza alo ahlokomayo.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


Uyakubhekisa ubuso bakhe ukuze afike nombuso wakhe namandla kanye nezinto ezilungileyo bese enza isivumelwano naye, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayenzakalise, kepha ayiyukuma, futhi ayiyukuba ngeyakhe.


Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”


Wayesethi: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ami,’ ngokuba aniseyibo abantu bami, nami angisenguye uNkulunkulu wenu.”


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyukushiywa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.”


UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.”


Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.


Wayesethi kubo: “Impela u-Eliya uyakubuya kuqala ukuze abuyisele konke, kodwa kulotshweni ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe na?


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


“Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.”


Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?”


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.


Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka