Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:26
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli,


Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.


Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla; uyakuwisa phansi ngamandla njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.


Ngalokho ningadeleli, funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.


Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?


ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi – yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo – ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,


“Ngubani lo owenyuka njengeNayile, omanzi akhe agubha njengemifula.


Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.


Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”


Wayesethi uJehova: “Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami,* ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu.


“Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.


Bhekani, indlu yenu isisala nani.


Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,


Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka