Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:19 - IsiZulu 2020

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:19
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho, u-Israyeli, abayakukhuleka kule ndawo, uzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


mawuzwe umkhuleko wabo nokunxusa kwabo usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uyimele indaba yabo, ubathethelele abantu bakho abonileyo kuwe.


yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazileyo ezizweni, lapho benikade nikhona.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Kwathi lapho isikhonyane sesibudle sabuqothula nya utshani ezweni, ngathi: “Nkosi Simakade, ake uthethelele; uyakuma kanjani uJakobe ngokuba mncane?”


Bathethelele laba bantu ububi babo ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibhithe kuze kube manje.”


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka