Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:19
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona-ke lalela ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukucela kule ndawo; lalela indawo yakho yokuhlala, usezulwini; uma uzwa, thethelela.


Yizwa usemazulwini, yebo, usendaweni yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubamele indaba yabo, uthethelele abantu bakho abonile kuwe.


Ngisho wonke umuntu obizwa ngegama lami, ngoba ngimdalele inkazimulo yami, ngimbumbile; yebo, ngimenzile.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.


Ngokuba bhekani, sengiqala ukwehlisela okubi phezu komuzi obizwa ngegama lami; Aniyikuyeka ukujeziswa, ngokuba ngiyakubiza inkemba phezu kwabo bonke abakhileyo emhlabeni,” usho uJehova Sebawoti.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwabezizwe, engabakhupha phambi kwamehlo abo.


Kodwa ngasibuyisa isandla sami ngenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhupha phambi kwamehlo azo.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.


Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi; Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilingcolisile phakathi kwezizwe eniye kuzo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Manje ngiyakubuyisela isabelo sikaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele;


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Kwathi seziqedile ukudla utshani belizwe, ngathi: Nkosi Jehova, ngithethelele; uJakobe uzakuma ngobani? ngoba mncane.


Xolela ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho ubathethelele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.


Kumelwe babeke igama lami kubantwana bakwa-Israyeli; futhi ngizobabusisa.


Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike, ngokuba engumngane wakhe, nokho ngenxa yokuphikelela kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.


Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.


ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu.


kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo.


ukuze khathesi kwababusi lamandla embusweni wezulu kwaziwe ngebandla ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okunengi okwehlukeneyo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka