Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 5:17 - IsiZulu 2020

17 Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UDaniyeli wayesephendula, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe ngeyakho, nemivuzo yakho uyinike omunye; kepha ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 5:17
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’


Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginandabani nawe mina? Hamba uye kubaphrofethi bakayihlo nakubaphrofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uSimakade uqoqe amakhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sabakwaMowabi.”


Kepha, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, angiyukwamukela lutho.” Wamncenga ukuba asamukele, kodwa wenqaba.


Wayesethi: “Inhliziyo yami ibingenawe yini lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza na? Yiso yini isikhathi sokwamukela izingubo, iminqumo, izivini, izimvu, izinkomo, izinceku, nezincekukazi na?


Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Kepha uma ningazisa iphupho, nilichaza, niyakwamukela kimi izipho, imivuzo nodumo olukhulu, ngakho-ke ngitsheleni iphupho nencazelo yalo.”


Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.


Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka