Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 5:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UDaniyeli wayesephendula, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe ngeyakho, nemivuzo yakho uyinike omunye; kepha ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 5:17
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: ‘Ngimcebisile u-Abrama.’


Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.


Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Kepha uma nibonisa iphupho nencazo yalo, niyakwamukela kimi izipho nemivuzo nodumo olukhulu; ngalokho ngiboniseni iphupho nencazo yalo.”


Khona uBelishasari wayaleza, bamembathisa uDaniyeli okububende, bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe, benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.


Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka