Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 4:5 - IsiZulu 2020

5 Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngabona iphupho langethusa, nemicabango ngisembhedeni wami nobuso bekhanda lami bangethusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 4:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


Inkosi yayisithi kubo: “Ngiphuphe iphupho, umoya wami ukhathazekele ukulazi iphupho.”


Yayinje imibono emqondweni wami, engayibona ngisembhedeni wami: ngabona; bheka, kwakumi isihlahla phakathi nomhlaba, siphakeme kakhulu impela.


“Ngabona emibonweni esemqondweni wami ngisembhedeni wami; bheka, nango umlindi ongcwele ehla evela ezulwini.


Nokho, ushiye isiqu sezimpande zaso emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, otshanini basendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sinesezilwane otshanini bomhlaba.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka