Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 3:22 - IsiZulu 2020

22 Ngalokho ngokuba umyalo wenkosi wawunesihluku, nesithando somlilo sishisa ngokwedlulele, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda ayequkula uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi umyalo wenkosi wawushubile futhi isithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda athatha oShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 3:22
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahamba wasifica isidumbu sidindilize endleleni, kumi imbongolo nengonyama eceleni kwaso. Ingonyama yayingasidlanga isidumbu, futhi ayiyidwengulanga nembongolo.


AbaseGibhithe bancenga abantu ukuba basheshe baphume ezweni, ngokuba bathi: “Thina sonke sizokufa.”


Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.


Isikhohlakali siyinhlawulo kolungileyo, kanjalo nombuluzayo, esikhundleni soqotho.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


wathatha wathi ku-Ariyokhi, induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyokhi wayesemazisa uDaniyeli indaba.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


Waziphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva, wahamba; esehambile, wazikhunga.


UHerode esemfune waze wancama engamtholi, wabuzisisa kubalindi, wayeseyala ukuba babulawe. Yena wehla eJudiya, waya eKhesariya, wahlala khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka