Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:2 - IsiZulu 2020

2 Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:2
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.


Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.


Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.


Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.


Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.


Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.


Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kodwa angimtholanga.


Umuhle ngokuphelele sithandwa sami, akukho sici kuwe.


Ungephuce inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami. Ungephuce inhliziyo yami ngokungibuka kanye nje ngeso lakho, nangomucu owodwa nje womgexo wentamo yakho.


Ikhanda lakhe liyigolide, igolide loqobo elicolisekileyo. Imiyeko yakhe mikhulu njengehlathi, imnyama njengegwababa.


Ngamvulela othandiweyo wami, kodwa othandiweyo wami wayesejike wahamba, umphefumulo wami wephuka lapho esephendukele eceleni, ngamfuna kodwa ngangamthola, ngambiza, akaze angiphendula.


Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.


nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.


Amanzi amaningi ngeke alucima uthando, nemifula ayinakulukhukhula. Uma umuntu engakhipha yonke ingcebo yomuzi wakhe ngenxa yothando, impela bayomedelela nokumedelela.


Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.


Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo, ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo, kunesamadodana abantu;


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya, yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wazithwala izifo zethu.”


Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye.


Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka