Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16 - IsiZulu 2020

16 Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Vuka, moya wasenyakatho, uze wena Ningizimu, uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.


Ngazenzela izivande nezindawo zokuphumula, ngatshala kuzo zonke, izinhlobo zezihlahla zezithelo.


Othandiweyo wami uyisigaxa semure kimi, ulala phakathi kwamabele ami.


Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyojabula, sithokoze ngawe; uthando lwakho siyolukhumbula ukwedlula iwayini. Abalungileyo bayakuthanda.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.


Isivini sami siphambi kwami, inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.


Sengathi ungadabula amazulu, wehle, kuzamazame izintaba phambi kwakho,


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, phrofetha kuwo umoya, phrofetha uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Woza, moya uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo, ukuze baphile.” ’ ”


Kepha uJesu ekwazi ababekusho, wathi kubo: “Nimhluphelani lo wesifazane na? Ngokuba wenze umsebenzi omuhle kimi.


Ngokuba lo wesifazane, ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.


Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”


UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthathe uhlaka lwakho, uhambe.”


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.


Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule kini, ngiye eSpaniya.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka