Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 20:22 - IsiZulu 2020

22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singakwenza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 20:22
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; Mina ngizimisile izinsika zawo.” Sela


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.


isho kanje iNkosi yakho, uSimakade, uNkulunkulu wakho, Yona emela indaba yabantu bayo, ithi: “Bheka, ngiyisusile esandleni sakho indebe yokuntengezela; awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.


UPhethro wathi kuye: “Noma ngabe kufanele ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Bonke abafundi basho kanjalo.


Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.”


Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.”


Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.


Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”


Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.


wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.”


UJesu wayesethi kuPhethro: “Buyisela inkemba emgodleni wayo; kanti angiyukusiphuza yini isitsha uBaba anginike sona na?”


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi.


Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka