Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 20:21 - IsiZulu 2020

21 UJesu wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuJesu: “Yisho ukuthi lawa madodana ami amabili ayakuhlala, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho, embusweni wakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Yena wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 20:21
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UBhathi Sheba waya enkosini uSolomoni ukuze akhulumele u-Adoniya. Inkosi yasukuma yamhlangabeza, yamkhothamela, yase ihlala esihlalweni sayo, yase ibekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.


EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”


Inkosi yathi kuye: “Kwenzenjani, ndlovukazi Esteri na? Ukhala ngani? Noma yini oyicelayo, ngisho kungaba yingxenye yombuso, uyoyinikwa.”


USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo, indlovukazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe ngegolide lase-Ofiri.


Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”


Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”


UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”


UJesu wathi kuyo: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


kwase kungena indodakazi kaHerodiya; yasina, yajabulisa uHerode nababehleli naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyithandayo, ngizakukunika yona.”


“Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibuye ngibone.”


Kuthe abantu besalalele lokho, uJesu waqhubeka wabalandisa umzekeliso, ngokuba wayeseduze neJerusalema, nangokuba babethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.


Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.


Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?”


Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,


Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.


Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka