Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 19:26 - IsiZulu 2020

26 Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 19:26
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengokusho kwezwi likaSimakade ayelikhulume ngomlomo ka-Eliya.


“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


UNkulunkulu ukhulume kanye, ngakuzwa kabili lokho: amandla angakaNkulunkulu,


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”


Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?”


UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?”


UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Kepha uJesu wathi kubo: “Okungenzeki kubantu, kungenzeka kuNkulunkulu.”


akunakwenzeka ukuba bathi sebehlubukile, bayibethela bona uqobo iNdodana kaNkulunkulu, ukuba babuye futhi baphenduke, lokhu bayithele ngehlazo obala.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka