Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 12:31 - IsiZulu 2020

31 Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 12:31
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.


Noma ngubani okhuluma kabi ngeNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa ohlambalaza uMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono,


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,


Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka