Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 12:30 - IsiZulu 2020

30 “Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ongenami umelene nami; ongabuthi kanye nami uyahlakaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ongenami umelene nami; ongabuthi kanye nami uyahlakaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 12:30
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


“Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso na?


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongabuthi nami, uyahlakaza.


Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani, ungakini.”


kungesona isizwe nje kuphela, kodwa ukuba aqoqele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka