Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 10:26 - IsiZulu 2020

26 “Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 10:26
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ohamba ngobuqotho uhamba evikelekile, kodwa ohlanekezela izindlela zakhe, uyodaluleka.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa.


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


Ngokuba akukho okufihliweyo okungayukuvela obala, nokuyisifuba okungayukudaluleka, kube sobala.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka