Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 10:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 “Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa nokufihliweyo okungayukwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 10:26
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka; kepha ohlanekezela izindlela zakhe uzokwaziwa.


Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ukwesaba abantu kuveza ugibe; kepha owethemba uJehova uyakusindiswa.


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Ngokuba akukho okufihliweyo okungayikubonakaliswa; futhi akukho okufihliwe, ngaphandle kokuthi kuvele obala.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile nabangafundile, bamangala; base bebazi ukuthi babenoJesu.


Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka