Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 3:5 - IsiZulu 2020

5 Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 3:5
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.


Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe,


Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”


Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo,


Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.


Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”


Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.


Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini.


BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo.


AmaFilisti ezwa umsindo wokukhamuluka, athi: “Usho ukuthini lowo msindo wokukhamuluka ongaka enkanjinii yamaHebheru na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaSimakade ufikile enkanjini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka