Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 6:9 - IsiZulu 2020

9 Kepha bathandekayo, noma sikhuluma kanje, sineqholo lokuthi ninakho okungcono okuqondene nensindiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 6:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Sebekuzwile lokho, bathula du, badumisa uNkulunkulu, bethi: “Impela uNkulunkulu ubanikile nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, balekelani ukukhonza izithombe.


Ngabe sonke lesi sikhathi nicabanga ukuthi sizama ukuzivikela yini kini? Sikhuluma sikuKhristu naphambi kukaNkulunkulu. Konke esikwenzayo, bazalwane, kungokokwakha nina.


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni.


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginilobela yona, ngizama kuyo ukuvusa ingqondo yenu ngokunikhumbuza,


Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwayo.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka