Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 6:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 6:8
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.


Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”


Kepha umuntu oyowathinta, uyohlonyiswa ngensimbi noma ngothi lomkhonto, aze ashiswe ngomlilo angqongqe khona lapho.”


makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.


Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


uthi kulelo hlathi laseningizimu: ‘Lalela izwi likaSimakade: isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizothungela umlilo kuwe, udle yonke imithi eluhlaza nayo yonke imithi eyomileyo, ilangabi liyobhebhetheka lingacimeki, kushe kungqongqe konke okulapho, kusuka eningizimu kuya enyakatho.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho.


UPhethro ekhumbula okwakwenzekile, wathi kuJesu: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.


Niyazi ukuthi kamuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, akabe esalithola ithuba lokuphenduka, nakuba esekufunisisa ngezinyembezi.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka