Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 18:1 - IsiZulu 2020

1 UJesu esekukhulumile lokho, waphuma nabafundi bakhe; bawelela ngaphesheya komfudlana, iKhedroni. Kwakukhona lapho insimu angena kuyo nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 18:1
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde.


USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo.


Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu. Abantu bonke bawela, nenkosi nayo yawela umfudlana iKidroni; abantu bonke bawela ngendlela yasogwadule.


Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Ngokuba mhla uphuma, uwela umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”


Ama-althare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elalakhiwe ngamakhosi akwaJuda, nama-althare ayenziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaSimakade, inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla umlotha emfudlaneni iKidroni.


Inkosi yayala uHilikiya umphristi omkhulu, nabaphristi besigaba sesibili, abalindimnyango, ukuba bakhiphe ethempelini likaSimakade zonke izinto ezazenzelwe uBhali no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini. Yazishisa ngaphandle kweJerusalema, emasimini aseKidroni, umlotha wakho wayiswa eBhethele.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Abaphristi bangena ngaphakathi endlini kaSimakade ukuba bayihlambulule, kwathi konke ukungcola abakuthola ethempelini likaSimakade bakukhiphela egcekeni lendlu kaSimakade. AbaLevi bakuthatha bakukhiphela ngaphandle, bakuyisa emfudlaneni iKidroni.


Bawasusa wonke amanye ama-althare ayeseJerusalema, nawo wonke ama-althare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Ngakhuphuka ngomhosha ebusuku, ngihlola ugange. Ngase ngibuyela emzini, ngangena ngeSango Lesigodi; ngabuya kanjalo-ke.


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


Wuhlephule ube yimvuthu bese uthela amafutha kuwo, kungumnikelo wokusanhlamvu.


Sebehlabelele iculo lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.


UJesu wafika nabo endaweni okuthiwa yiGetsemane, wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisayokhuleka laphaya.”


Kwathi sebehlabelele, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.”


Sukumani sihambe. Niyabona-ke, ongikhaphelayo usesondele.”


kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”


Enye yezinceku zomphristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPhethro wayeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini ensimini naye na?”


Esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawula, wazibopha ngalo izinyawo nezandla, wathi: “Usho lokhu uMoya oNgcwele, uthi: ‘Lo muntu ongumnikazi waleli bhande, abaJuda eJerusalema bazakumbopha kanje, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka