Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 18:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UJesu esekukhulumile lokho, waphuma nabafundi bakhe; bawelela ngaphesheya komfudlana, iKhedroni. Kwakukhona lapho insimu angena kuyo nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 18:1
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.


Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.


Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke badabula; nenkosi yadabula umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngendlela yasehlane.


Futhi nonina uMaga, naye wasusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo esihlahleni; u-Asa wachitha isithombe sakhe, wasishisa emfudlaneni iKidroni.


Ngokuba mhla uphuma, udabula umfudlana iKidroni, uyakwazi nokwazi ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba phezu kwekhanda lakho.


Ama-altare ayephezu kwekamelo eliphezulu lika-Ahazi abewenzile amakhosi akwaJuda, nama-altare uManase abewenzile emagcekeni omabili endlu kaJehova, inkosi yawadiliza, yawaphula. Basuka lapho baphonsa uthuli lwabo emfudlaneni iKidroni.


Inkosi yayala umpristi omkhulu uHilikiya nabapristi besigaba sesibili nabalindisango ukuba bakhiphe ethempelini likaJehova zonke izitsha ezikaBali nezamahlathi nebandla lonke lasezulwini, wazishisa. Ngaphandle kweJerusalema ensimini yaseKedroni, baletha umlotha wabo eBethele.


Yasikhipha isihlahla endlini kaJehova ngaphandle kweJerusalema, yasiyisa emfudlaneni iKidroni, yasishisa emfudlaneni iKidroni, yasichola saba luthuli, yasithela impuphu yaso emathuneni abantwana babantu.


Futhi ngoMahaga, unina wenkosi u-Asa, wamsusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo ehlathini;


Abapristi bangena endlini kaJehova ukuba bayihlanze, baletha konke ukungcola abakufumana ethempelini likaJehova egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha ukuba akukhiphele emfudlaneni iKidroni.


Basuka, basusa ama-altare ayeseJerusalema, nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Khona-ke ngenyuka emfuleni ebusuku, ngabheka odongeni, ngaphenduka, ngangena ngesango lesigodi, ngaphindela emuva.


Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.


Kumelwe uwuhlukanise ube yizicucu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo womlilo.


Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.


Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisakhuleka.


Sukumani, sihambe; bhekani, ongikhaphelayo useduze.


Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.


Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo sakhe uPetru ayinquma indlebe, yathi: “Angikubonanga mina ensimini unaye na?


Kwathi esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawuli, wazibopha izandla lenyawo, wathi: Utsho njalo uMoya oNgcwele, ngokunjalo abaJuda eJerusalema bazabopha indoda ephethe lelibhanti, njalo bazamnikela ejele izandla zabezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka