Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 5:39 - IsiZulu 2020

39 kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 5:39
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe.


Weyise bani, wathuka bani na? Uliphakamisele bani izwi, uwabhekisele bani amehlo akho phezulu na? Ongcwele ka-Israyeli!


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


“Ngakho-ke uma uNkulunkulu ebanikile isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu uKhristu, pho ngingubani ukuba ngivimbe uNkulunkulu na?”


Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”


Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Kepha wathi: “Ungubani, Nkosi?” Wayesethi: “NginguJesu omhluphayo.


Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunobabantu, nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunobabantu.


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka