Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 20:30 - IsiZulu 2020

30 naphakathi kwenu kuzakuvela amadoda akhuluma okudukisayo, ayenge abafundi ukuba bawalandele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 20:30
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungcono umuntu ompofu ohamba ngobuqotho, kunesiwula esikhuluma okuphambene ngezindebe zaso.


Amehlo akho azobona imihlola, inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.


Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.


“Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!


Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.


Kanti awusiye yini umGibhithe, okwathi ngaphambi kwalezi zinsuku wadala isiyaluyalu, wembuka, waholela amadoda ayizi-4 000 ehlane, angababulali na?”


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.


Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka