Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 20:29 - IsiZulu 2020

29 Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 20:29
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na?


“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade.


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “impela ngenxa yokuthi izimvu zami zaba yimpango, futhi zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu zingenamelusi, nokuthi abelusi bami abangazange bazicinge, baba ngogombela kwesabo, bangazelusa izimvu zami,


Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Nina hambani, ngiyanithuma; ninjengamawundlu phakathi kwezimpisi.


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze,


Kwathi sebeqedile, uJesu wathi kuSimoni Phethro: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” UPhethro wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi Wena ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.


Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.


Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka