Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 19:21 - IsiZulu 2020

21 Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 19:21
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


Sasuka lapho saya eFiliphi, elingumuzi ovelele esifundeni saseMakhedoniya, ikoloni. Sahlala kulo muzi izinsuku ezithile.


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.


Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya.


Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula.


Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.


“Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona,


Sesifikile eJerusalema, abazalwane basemukela ngokujabula.


Emva kokubafuna abafundi, sahlala khona izinsuku eziyikhombisa; beqhutshwa nguMoya, bamtshela uPawula ukuba angalubeki eJerusalema.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari.


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile sokomoya ukuba niqiniswe,


Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe.


Ngokwami ngiyalangazelela ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma.


Ngiyakuza kini uma sengedlulile eMakhedoniya, ngokuba ngiyakudlula khona eMakhedoniya.


Kodwa ngizofika kini kungakapholi maseko, uma iNkosi ivuma, ukuze ngithole kahle, hhayi ngamazwi alaba abazikhukhumezayo, kodwa ngamandla abo.


ukuze silishumayele ivangeli nasezindaweni eziphambi kweyakini, singazincomi ngezinto ezenziwe endaweni yomunye.


Kwathi emva kweminyaka eli-14, ngabuye ngakhuphukela eJerusalema, ngihamba noBharnabha noThithu.


ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka