Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 19:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 19:21
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngubani othi, kwenzeke, uma iNkosi ingakuyali na?


Sisuka lapho saya eFiliphi, umuzi oyinhloko yesifunda saseMakedoniya, uyikoloni; sahlala izinsuku ezithile kulowo muzi.


Kwathi uGaliyu engumbusi we-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa esihlalweni sokwahlulela.


Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.


Wathuma eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo, uThimothewu no-Erastu; kepha yena wahlala isikhathi e-Asiya.


Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu.


Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;


Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona;


Kwathi sesifikile eJerusalema, abazalwane basemukela ngokuthokoza.


Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi kuPawulu ngoMoya angenyukeli eJerusalema.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi, uPawulu;


Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu.


Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.


Kwathi sesifikile eRoma, induna yekhulu yanikela izibotshwa enduneni yabalindi, kodwa uPawuli wavunyelwa ukuthi ahlale yedwa lebutho elimgadileyo.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona, ukuze nginabele isipho esithile somoya, ukuze niqiniswe;


Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.


Ngakho-ke njengoba ngikimi, ngizimisele ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma.


Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya, ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya.


Kodwa ngizakuza kini masinyane, uba iNkosi ithanda, njalo ngizakwazi, ingasi inkulumo yabakhukhumeleyo, kodwa amandla.


ukuba sishumayele ivangeli ezindaweni ezingaphesheya kwenu, singazincomi ngesigaba somunye ngezinto esezilungiselwe esandleni sethu.


Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu.


naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka