Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 16:26 - IsiZulu 2020

26 Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 16:26
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahamba wasifica isidumbu sidindilize endleleni, kumi imbongolo nengonyama eceleni kwaso. Ingonyama yayingasidlanga isidumbu, futhi ayiyidwengulanga nembongolo.


ukuba ezwe ukububula kweziboshwa, akhulule labo abase beqonde ekufeni,


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho; londoloza ngobukhulu bengalo yakho asebengabantwana bokufa.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa ejele, nabahlezi ebumnyameni ejele.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Sebedlulile kubalindi bokuqala nakwabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini, elazivulekela ngokwalo, baphuma, badlula umgwaqo owodwa, ingelosi yayisimshiya ngokushesha.


Nakho-ke sekufika ingelosi yeNkosi, kwakhanya bha ejele. Ingelosi yamthinta ohlangothini uPhethro, yamvusa ithi: “Sukuma ngokushesha.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yejele ebusuku; isibakhiphile, yathi:


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka