Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 16:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 16:26
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahamba, waphonsa isidumbu sakhe endleleni, imbongolo nengonyama zema ngasesangweni; ibhubesi alidlanga isiyelo futhi alizange liklebhule imbongolo.


Ukuze uzwe ukukhala kwesiboshwa; ukukhulula abamiselwe ukufa;


owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.


UNkulunkulu uhlalisa ababodwa emindenini, akhiphe ababoshwe ngamaketanga, kepha abahlubukayo bahlala ezweni elomileyo.


Ukububula kwesiboshwa makuphume phambi kwakho; londoloza ngokobukhulu bamandla akho labo abamiselwe ukufa;


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.


Sebedlule abalindi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliya emzini; owabavulela ngokwakhe; baphuma, badlula umgwaqo munye; ingilosi yahle yasuka kuye.


Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha ingelosi yeNkosi ebusuku yavula iminyango yetilongo, yabakhipha, yathi:


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka