Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 12:20 - IsiZulu 2020

20 UHerode wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni, kodwa beza kuye benhliziyonye. Kuthe sebevumelene noBlastu, induna yesigodlo senkosi, bacela ukuba babe nokuthula, ngokuba izwe lakubo lalondliwa ngelenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 12:20
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi,


imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.


Bheka, ngiyakunika izinceku zakho ezigawula imithi, amakhora kakolo ayizi-20 000, amakhora ebhali ayizi-20 000, amabhati ewayini ayizi-20 000, namabhati ayizi-20 000 amafutha.”


“Ngakho-ke ukolo, ibhali, amafutha, newayini inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthumele kuzo izinceku zayo.


Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu aphusile.


Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?


Uma ulaka lombusi lukuvukela, uze ungasuki endaweni yakho; ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu.


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babehweba kuwe; bahweba impahla yakho ngokolo waseMinithi, ngojeqe, ngoju, ngamafutha nangebhalisamu.


“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.


Kwathi ngosuku olumisiweyo, uHerode wagqoka ingubo yakhe yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayesekhuluma kubantu.


Kwathi sesiyibona iKhuphro saze sayedlula, siyishiya ngemuva ngakwesokhohlo, saya eSiriya. Safika echwebeni eThire, ngokuba umkhumbi wawuzokwethula lapho izimpahla.


Thina sesiluqedile uhambo sisuka eThire, safika ePhetholemayi, sesibabingelele abazalwane, sahlala nabo usuku.


bese umngcele ujika uya eRama, uze uyofinyelela emzini obiyelweyo eThire; umngcele bese ujika uye eHosa, uze uyophela olwandle e-Akhizibhi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka