Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 5:18 - IsiZulu 2020

18 Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo, sekuzulazula amanketshane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngenxa yentaba yaseSiyoni eseyincithakalo, izimpungushe zihamba phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 5:18
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”


Bazonikelwa esandleni senkemba, babe wukudla kwezimpungushe.


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke.


Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyibonile yonke inhlekelele engiyehlisele iJerusalema nemizi yonke yakwaJuda. Bhekani, namuhla iyincithakalo, akusekho muntu ohlala kuyo,


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Wena Israyeli, abaphrofethi bakho bafana nezimpungushe ezindaweni eziyincithakalo.


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka