Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 5:17 - IsiZulu 2020

17 Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho inhliziyo yethu ikhathele; ngenxa yalezi zinto amehlo ethu afiphele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 5:17
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iso lami lifiphele ngenxa yosizi, wonke amalungu ami anjengethunzi.


Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami.


Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.


Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami.


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


“Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


Ukuze izinhliziyo zabo ziphele amandla, kwande nezikhubekiso kubo, ngiyokwenza babeke inkemba ekhazimulayo kuwo wonke amasango abo. Yebo, yenziwe yanjengonyazi, ihoshelwe ukubulala.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.


Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka