Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 4:17 - IsiZulu 2020

17 Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha thina, amehlo ethu asalokhu ephelile ukubheka usizo lwethu oluyize; ngokuqapha kwethu sibheke isizwe esingeke sisisindise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 4:17
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yaseGibhithe ayibuyanga futhi yaphuma ezweni lakubo, ngoba inkosi yaseBhabhele yayithathe konke okwenkosi yaseGibhithe, kusukela emfuleni eGibhithe kuze kuyofika eYufrathe.


Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.


Isivumelwano senu nokufa siyochithwa, ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.


Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”


“Ukuvuna sekwedlulile, ihlobo liphelile, kodwa thina asisindiswanga.”


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


IJerusalema ekuhluphekeni nasekuzulazuleni kwalo, liyazikhumbula zonke izinto ezinhle elalinazo emandulo. Lapho abantu balo bewela esandleni sesitha, akubanga bikho muntu owabasiza. Isitha sabukela, sababhinqa ngokuwa kwalo.


Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya, ukuze sithole isinkwa, sisuthe.


Alisayukuba yithemba labendlu yakwa-Israyeli, kodwa liyakuba yisikhumbuzo sokona kwabo, lapho bephendukela kulo becela usizo, bayakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka