Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 8:11 - IsiZulu 2020

11 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 8:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bafika eMara, kodwa abakwazanga ukuphuza amanzi eMara, ngokuba ayebaba, yingakho igama lendawo kwathiwa yiMara.


kodwa ekugcineni uyababa njengenhlaba, ubukhali njengenkemba ekhaliphe nhlangothi zombili.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla ngabaphrofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubenza badle okubabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi, ngokuba ukuziphatha kabi kusuke kubaphrofethi baseJerusalema, kwasabalala ezweni lonke.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.


Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo.


Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima.


“Nina enihlanekezela ubulungiswa bubabe njengomhlonyane, nilaxaze phansi ukulunga;


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


USimakade uthi: “Kuyakuthi ezweni lonke kunqunywe izingxenye ezimbili, zishabalale, kushiywe ingxenye yesithathu kulo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe.


Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.


Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.


Ngalezo zinhlupheko ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu, ngomlilo, ngentuthu, nangesibabule okwakukhafulwa yimilomo yawo.


Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka