Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hagayi 2:3 - IsiZulu 2020

3 ‘Ngubani phakathi kwenu osasele owayibona le ndlu ebukhazikhazini bayo bakuqala na? Niyayibona ukuthi isinjani manje? Ayifani yini nento eyize emehlweni enu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani osele phakathi kwenu owabona le ndlu isenkazimulweni yayo yokuqala? futhi ubona kanjani manje? emehlweni enu alifani nalo njengento engelutho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 2:3
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.” UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.


Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo.


Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Ukukhazimula kwemvunulo yakho kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe zabo ezinengekayo nezinto zabo ezenyanyekayo, ngalokho ngiyakukwenza kube yinto engcolileyo kubo.


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka