Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Hagayi 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 ‘Ngubani phakathi kwenu osasele owayibona le ndlu ebukhazikhazini bayo bakuqala na? Niyayibona ukuthi isinjani manje? Ayifani yini nento eyize emehlweni enu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani osele phakathi kwenu owabona le ndlu isenkazimulweni yayo yokuqala? futhi ubona kanjani manje? emehlweni enu alifani nalo njengento engelutho na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 2:3
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,


Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Ukukhazimula kwezimvunulo zakho bakubeka kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.


‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka