Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hagayi 2:14 - IsiZulu 2020

14 Waqhubeka uHagayi wathi: “Banjalo-ke laba bantu, sinjalo lesi sizwe phambi kwami,” kusho uSimakade; “unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo, nalokho abayakukwethula nakho kungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wayesephendula uHagayi, wathi: “Kunjalo ngalaba bantu, kanjalo lesi sizwe siphambi kwami,” usho uJehova; unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo; nabanikela ngakho lapho kungcolile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 2:14
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Abayukumthungela uSimakade iwayini, nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye, isinkwa sabo siyakuba njengesinkwa sokulila kubo, kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona. Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo, asiyukungena endlini kaSimakade.


Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.


Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka